Indlovu Yy89AbР яіяDl d w XOo яN9u Lqtя
| ||
| Umbuso (Regnum) | Animalia (Izilwane) | |
| Uzalo (Phylum) | Chordata (Izilwane ezinomgogodla) | |
| Iqembu (Classis) | Mammalia (Izilwane ezincelisayo) | |
| Uhlelo (Ordo) | Proboscidea | |
| Umndeni (Familia) | Elephantidae (Izilwane ezifana nezindlovu) | |
Izindlovu (igama lesayensi: Elephantidae) ziyizilwane ezincelisayo ezihlala e-Afrika ne-Eshiya. Zimbili izinhlobo zezindlovu, yilezo okuthiwa indlovu yase-Afrika (Loxodonta) nendlovu yase-Eshiya (Elephas).
Izindlovu yizilwane ezikhulu emhlabeni wonke futhi yizilwane zihlakaniphile kakhulu! Kukhona izinhlobo ezimbili zezindlovu e-Asia futhi e-Africa.[1] Zahlala indawo yonke yase-Afrika. Abantu bahlaba izindlovu ngoba bafuna izinyo lendlovu. La mazinyo ayigugu kodwa manje ezizweni zikhulu zingavumelani nomthetho ukuzithengisa[2].
Izindlovu zinamandla zinkulu. Zinesikhumba esibambene noma esihlangene kodwa zithanda ukuzibhaceka ngoba udaka luvikela izikhumba zazo elangeni futhi kwizilwanyaze. Izindlovu zinezindlebe ezinkulu. Lezi zindlebe ziyazigwagwaza futhi zisiza ukuzipholisa[3].
Izindlovu zihlala emihlambeni kodwa izinkunzi zahlala oyedwa. Uma amavukana ane-12 izinsuku zishiye umhlambi futhi ahlala kanye namavukana nentanga akhe. Izindlovu zingaphila ngaphezu kuna-60 noma 70 iminyaka kodwa ziyafa uma amazinyo azo edleka futhi azingadli kahle[4]. Izindlovu zisaba abantu kuphela kodwa uma zibuthakathaka amabhubhesi angazibulala.
Imithombo[hlela | Hlela umthombo]
- ↑ https://www.worldwildlife.org/species/elephant
- ↑ https://www.environment.gov.za/response_question_increase_elephant_poaching_south_africa
- ↑ https://asknature.org/strategy/large-ears-aid-cooling/#.W-sorfZFyM8
- ↑ https://www.nationalgeographic.com/animals/mammals/a/african-elephant/